Uhezekeli 8:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.

2. Ngase ngibona, bheka, kwakunjengokubonakala komlilo; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo, kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.

3. Wayeselula kungathi isandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho, lapho kwakukhona isihlalo sesithombe somhawu, esibanga umhawu.

4. Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayilapho njengokuyibona kwami esigodini.

5. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho ngendlela yasenyakatho.” Ngase ngiwaphakamisa amehlo ami ngendlela yasenyakatho; bheka, ngasenyakatho kwesango lase-altare lesi sithombe somhawu sasisentubeni.

6. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini abakwenzayo, izinengiso ezinkulu indlu yakwa-Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.”

7. Wayesengiyisa esangweni legceke. Ngabona, bheka, nanso imbobo ogangeni.

8. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, gebhula ogangeni.” Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango.

9. Wayesethi kimi: “Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”

Uhezekeli 8