1. Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.
2. Ngase ngibona, bheka, kwakunjengokubonakala komlilo; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo, kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.
3. Wayeselula kungathi isandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho, lapho kwakukhona isihlalo sesithombe somhawu, esibanga umhawu.
4. Bheka, inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayilapho njengokuyibona kwami esigodini.
5. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ake uphakamise amehlo akho ngendlela yasenyakatho.” Ngase ngiwaphakamisa amehlo ami ngendlela yasenyakatho; bheka, ngasenyakatho kwesango lase-altare lesi sithombe somhawu sasisentubeni.
6. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini abakwenzayo, izinengiso ezinkulu indlu yakwa-Israyeli ezenzayo lapha ukuba ngidede kude nendlu yami engcwele na? Kepha uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu.”
7. Wayesengiyisa esangweni legceke. Ngabona, bheka, nanso imbobo ogangeni.
8. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, gebhula ogangeni.” Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango.
9. Wayesethi kimi: “Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”
10. Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilwane ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.
11. Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.
12. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”