6. Ukuphela kuyeza; ukuphela kuyeza, kuyakwehlela; bheka, kuyeza!
7. Sekufikile kuwe ohlala ezweni; isikhathi sesifikile, usuku lusondele, olokukhathazeka, kungesilo olokujabula ezintabeni.
8. Manje sengiyakuthulula masinyane ukufutheka kwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngikwahlulele njengezindlela zakho, ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.
9. Iso lami aliyikuhawukela, ngingabi nabubele, ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho, nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.
10. “Bhekani usuku! Bhekani luyeza, sekuphezu kwakho; induku iyaqhakaza; ukuzidla kuyahluma.
11. Ubudlova buyavuka, bube yintonga yokubi, kungasali muntu kubo nasesixukwini sabo, kungasali lutho emfuyweni yabo nasebukhosini babo.
12. Isikhathi sesifikile, usuku lusondele; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.
13. Ngokuba umthengisi akayikubuyela kokuthengisiweyo, nakuba esekhona phakathi kwabaphilayo, ngokuba umbono wesixuku sonke awuyikubuya, futhi akuyikubakho muntu ongabambelela ekuphileni ngenxa yobubi bakhe.
14. Babethile icilongo, balungisile konke, kepha akakho ophuma impi, ngokuba ukufutheka kwami kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.
15. “Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.
16. Abaphunyukileyo babo bayakuphunyuka, babe sezintabeni njengamajuba asezigodini, bakhale bonke, kube yilowo nalowo ngezono zakhe.
17. Zonke izandla ziyakudangala, nawo onke amadolo abe buthakathaka njengamanzi.
18. Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.
19. Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini, igolide labo libe yinto engcolileyo, isiliva labo negolide labo kungabi namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo kaJehova; abayikusuthisa imiphefumulo yabo, bangagcwalisi izibilini zabo, ngokuba kade kuyisikhubekiso sobubi babo.