Uhezekeli 47:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba ngukudla, amaqabunga ayo abe ngawokuphilisa.”

13. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.

14. Niyakulidla, kube yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.

15. “Nanku umkhawulo wezwe: ohlangothini lwasenyakatho, kusukela eLwandle Olukhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube sekuyeni eSedadi,

16. naseHamati, naseBerotha, naseSibirayimi eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati, naseHaseri eliphakathi elingasemkhawulweni waseHawurana.

17. Umkhawulo osuka elwandle uyakuba yiHasari Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati. Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.

18. “Uhlangothi lwasempumalanga, kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwa-Israyeli, luyakuba yiJordani; lusukela kulo mkhawulo, luze lube selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga.

19. “Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.

20. “Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.

21. “Niyakuzahlukanisela leli zwe ngokwezizwe zakwa-Israyeli.

22. Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.

23. Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona, nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.

Uhezekeli 47