7. Ugange olwalungaphandle eceleni kwamakamelo ngasegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
8. Ngokuba ubude bamakamelo ayesegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, kepha bheka, ngaphambi kwethempeli kwakuyizingalo eziyikhulu.
9. Kusukela phansi kwalawa makamelo kwakukhona ukungena ngasempumalanga, lapho kwangenwa kuwo kuvelwa egcekeni elingaphandle.
10. Lapho ugange lwegceke lwaludumbile khona ngasempumalanga, ngaphambi kwendawo eyahlukanisiweyo naphambi kwesakhiwo, kwakukhona amakamelo nalapho.
11. Indlela phambi kwawo yayinjengesimo seyamakamelo angasenyakatho; ububanzi babunjengobude; izindawo zawo zokuphuma zazinjengemithetho yazo nanjengeminyango yazo.
12. Njengeminyango yamakamelo aseningizimu kwakukhona umnyango esihlokweni sendlela, indlela malungana nogange ngasempumalanga, lapho kungenwa kuwo.
13. Wayesethi kimi: “Amakamelo asenyakatho namakamelo aseningizimu aphambi kwendawo eyahlukanisiweyo mawabe ngamakamelo angcwele, lapho abapristi abaseduze noJehova beyakudla khona okungcwelengcwele, babeke khona okungcwelengcwele, nomnikelo wempuphu, nomnikelo wesono, nomnikelo wecala, ngokuba indawo ingcwele.
14. Lapho abapristi bengena, abayikuphuma endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kepha bayakubeka lapho izambatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba bayingcwele; bayakwembatha ezinye izingubo, basondele kulokhu okungokwabantu.”
15. Lapho eseqede ukulinganisa indlu engaphakathi, wangiphumisa ngendlela yesango elingasempumalanga, walinganisa ukuzungeza.
16. Walinganisa uhlangothi lwasempumalanga ngohlanga lokulinganisa: yizinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa nxazonke.
17. Walinganisa uhlangothi lwasenyakatho: yizinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa nxazonke.
18. Walinganisa uhlangothi lwaseningizimu: yizinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa.
19. Wayesephendukela ohlangothini lwasentshonalanga, walinganisa izinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa.
20. Wayilinganisa ezinhlangothini zozine; yayinogange nxazonke, ubude balo buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamakhulu ayisihlanu ukwahlukanisa phakathi kokungcwele nokungengcwele.