Uhezekeli 41:13-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Wayeselinganisa indlu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso, ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu,

14. nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu.

15. Wayeselinganisa ubude besakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha: yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,

16. imibundu, namafasitele avaliweyo, nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombundu, kwembeswe umuthi nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe;

17. kuze kube phezu komnyango nasendlini engaphakathi, nangaphandle, nakulo lonke udonga nxazonke ngaphakathi nangaphandle kwakulinganisiwe,

18. kwenziwe ngamakherubi* nangamasundu; isundu laliphakathi kwekherubi nekherubi, ikherubi lilinye linobuso obubili;

19. kwakungubuso bomuntu bubheke isundu ngalapha, nobuso bebhongo lengonyama bubheke isundu ngalapha; kwakwenziwe kanjalo kuyo yonke indlu nxazonke.

20. Kusukela phansi kuze kube phezu komnyango kwakwenziwe amakherubi* namasundu, kanjalo nasodongeni lwethempeli.

21. Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.

22. I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.”

23. Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.

24. Izivalo zazinezicabha ezimbili, izicabha ezimbili eziphendukayo, ezimbili ngezesinye isivalo, nezicabha ezimbili ngezesinye.

25. Kwakwenziwe kuzo, ezivalweni zethempeli, amakherubi* namasundu njengokwenziwe ezindongeni; kwakukhona isivikelo somuthi phezu kompheme ngaphandle.

26. Kwakukhona amafasitele avaliweyo namasundu ngalapha nangalapha emaceleni ompheme, nasemakamelweni ezinhlangothi zendlu, nasesivikelweni.

Uhezekeli 41