7. Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.
8. Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: luhlanga lunye.
9. Wayeselinganisa umpheme wesango: yizingalo eziyisishiyagalombili; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.
10. Amakamelo abalindi asesangweni ngasempumalanga ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha, eyisilinganiso sinye; nezinsika zaziyisilinganiso sinye ngalapha nangalapha.
11. Walinganisa ububanzi besikhala sesango: yizingalo eziyishumi; nobude besango: yizingalo eziyishumi nantathu;
12. nomkhawulo ngaphambi kwamakamelo abalindi: yingalo inye; nomkhawulo ngalapha: yingalo inye; namakamelo abalindi: yizingalo eziyisithupha ngalapha nezingalo eziyisithupha ngalapha.