Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.