15. Kusukela phambi kwesango ngasekungeneni kuze kube phambi kompheme wesango elingaphakathi kwakuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
16. Kwakukhona amafasitele avaliweyo, kuwo amakamelo nakuzo izinsika ngaphakathi kwesango nxazonke, kanjalo nakuyo imengamo; kwakukhona amafasitele nxazonke ngaphakathi namasundu ezinsikeni.
17. Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; bheka, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo eyenzelwe igceke nxazonke; kwakukhona amakamelo angamashumi amathathu endaweni egandayiweyo.
18. Indawo egandayiweyo yayiseceleni kwamasango, ilingene nobude bamasango; lokhu kwakuyindawo egandayiweyo ephansi.
19. Wayeselinganisa ububanzi kusukela phambi kwesango elingenzansi kuze kube phambi kwegceke elingaphakathi ngaphandle: yizingalo eziyikhulu ngasempumalanga nangasenyakatho.
20. Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.
21. Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango sokuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
22. Amafasitele alo, nemengamo yalo, namasundu alo kwakunjengesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezinyathelo eziyisikhombisa; imengamo yalo yayiphambi kwalezi.
23. Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.
24. Wayesengiyisa ngaseningizimu; bheka, isango lingaseningizimu; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla.
25. Kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke njengamafasitele angenhla; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.
26. Kwakukhona izinyathelo eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, imengamo iphambi kwazo; lalinamasundu, lilinye ngalapha nelinye ngalapha ezinsikeni zalo.