Uhezekeli 32:14-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle,ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.

15. Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane,izwe elingasenokugcwala kwalo,lapho ngibulala bonke abakhe kulo,khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’

16. “Lokhu kuyisililo abayakulila ngaso; amadodakazi ezizwe ayakulilisela ngaso, alilele iGibithe nesixuku salo ngaso, isho iNkosi uJehova.”

17. Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

18. “Ndodana yomuntu, khalela isixuku saseGibithe, usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba, sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo, kanye nabehlela egodini.

19. Udlula bani ngobuhle na? Yehla, ulaliswe phakathi kwabangasokile.

20. Bayakuwa phakathi kwabagwazwe ngenkemba; linikelwe enkembeni; lihuduleni nazo zonke izixuku zalo.

21. Abanamandla bamaqhawe bayakukhuluma ngalo nangabasizi balo, bephakathi kwendawo yabafileyo, bathi: ‘Sebehlile, sebelele abangasokile, bebulewe ngenkemba.’

22. “Lapho kukhona i-Asiriya neviyo lalo lonke, amathuna alo engakulo nxazonke, bonke bebulewe bewe ngenkemba,

23. amathuna alo engaphakathi kwegodi, iviyo lalo lizungeza ithuna nxazonke, bonke balo bebulewe bewe ngenkemba, labo ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.

24. “Lapho kukhona i-Elamu nesixuku sonke salo nxazonke zethuna, bebulewe bonke bewe ngenkemba, abehlele ezindaweni eziphansi komhlaba bengasokile, ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini.

25. Phakathi kwabagwaziweyo balibekele umbhede kanye naso sonke isixuku salo, amathuna aso engakulo nxazonke, bonke balo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba kwabangwa ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini; yebo, libekiwe phakathi kwababuleweyo.

26. “Lapho kukhona oMesheke noThubali naso sonke isixuku sabo, amathuna abo engakubo nxazonke, bonke babo bengabangasokile, bebulewe ngenkemba, ngokuba babebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.

27. Laba babangasokile abawileyo abayikulala namaqhawe ehlela endaweni yabafileyo enezikhali zawo zokulwa, abekwa izinkemba zawo phansi kwamakhanda, nezihlangu zawo ziphezu kwamathambo awo, ngokuba besabisa amaqhawe ezweni labaphilayo.

28. “Nawe uyakwaphulwa phakathi kwabangasokile, ulale nababulewe ngenkemba.

29. “Lapho kukhona u-Edomi, amakhosi akhe nazo zonke izikhulu zakhe, abathe nakuba bebe nobuqhawe babekwa nababulewe ngenkemba; bayakulala nabangasokile nabehlela egodini.

30. “Lapho kukhona izikhulu zasenyakatho, zonke zazo, nabo bonke abaseSidoni, abehlile nabagwaziweyo; nakuba bebesatshwa ngenxa yobuqhawe babo, sebejabhile, balele bengasokile nababulewe ngenkemba, bethwala amahloni kanye nabehlela egodini.

Uhezekeli 32