4. Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho,nginamathelise izinhlanzi zemifula yakhoezingcwecweni zakho,ngikukhuphule phakathi kwemifula yakhokanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakhoezinamathela ezingcwecweni zakho.
5. Ngiyakukulahla ehlane,wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho,uwe ebusweni bomhlabathi;awuyikubuthwa, ulandwe;ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlabanokwezinyoni zezulu.
6. Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova,ngokuba bebeludondolo lohlangakuyo indlu yakwa-Israyeli.
7. Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,uklebhula zonke izinhlangothi zabo;nalapho bencika kuwe, uyaphuka,untengantengise zonke izinkalo zabo.
8. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.