Uhezekeli 29:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:

2. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuFaro inkosi yaseGibithe, uprofethe ngaye nangalo lonke iGibithe,

3. ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibithe,drako* omkhulu, obuthisa phakathi kwemifula yakhouthi: “Umfula ungowami,mina ngiwenzile.”

4. Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho,nginamathelise izinhlanzi zemifula yakhoezingcwecweni zakho,ngikukhuphule phakathi kwemifula yakhokanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakhoezinamathela ezingcwecweni zakho.

5. Ngiyakukulahla ehlane,wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho,uwe ebusweni bomhlabathi;awuyikubuthwa, ulandwe;ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlabanokwezinyoni zezulu.

6. Bonke abakhileyo eGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova,ngokuba bebeludondolo lohlangakuyo indlu yakwa-Israyeli.

7. Lapho bekubamba ngesandla, uyaphuka,uklebhula zonke izinhlangothi zabo;nalapho bencika kuwe, uyaphuka,untengantengise zonke izinkalo zabo.

8. “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho inkemba, nginqume kuwe abantu nezilwane.

Uhezekeli 29