Uhezekeli 28:17-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;ngikulahlele phansi,ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.

18. Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungileungcolisile izindlu zakho ezingcwele;ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;ngakwenza umlotha emhlabeniemehlweni abo bonke abakubonayo.

19. Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”

20. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

21. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo,

Uhezekeli 28