15. Wawuphelele ezindleleni zakhokusukela osukwini lokudalwa kwakhokwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.
16. Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile;ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu,ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo,ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.
17. Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;ngikulahlele phansi,ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.
18. Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungileungcolisile izindlu zakho ezingcwele;ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;ngakwenza umlotha emhlabeniemehlweni abo bonke abakubonayo.
19. Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”
20. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
21. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo,
22. uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,bazi ukuthi nginguJehova,lapho ngenza ukwahlulela kulo,ngingcweliswe phakathi kwalo.
23. Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalongenkemba ephezu kwalo nxazonke,bazi ukuthi nginguJehova.
24. “ ‘Akusayikubakho ikhakhasi elihlabayo neva elilimazayo kuyo indlu yakwa-Israyeli kubo ababahaqayo nababenza okwamafundululu kubo, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.
25. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.
26. Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo, bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.’ ”