14. Wawuyikherubi* eligcotshiweyo elisibekelayo;ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu,wahamba phakathi kwamatshe omlilo.
15. Wawuphelele ezindleleni zakhokusukela osukwini lokudalwa kwakhokwaze kwafumaniseka ukungalungi kuwe.
16. Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile;ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu,ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo,ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.
17. Inhliziyo yakho yakhukhumala ngobuhle bakho,wonakalisa ukuhlakanipha kwakho ngokukhazimula kwakho;ngikulahlele phansi,ngikubeke phambi kwamakhosi ukuba akubone.
18. Ngobuningi bobubi bakho ekuthengeni kwakho okungalungileungcolisile izindlu zakho ezingcwele;ngase ngiphumisa umlilo phakathi kwakho, wakuqeda;ngakwenza umlotha emhlabeniemehlweni abo bonke abakubonayo.
19. Bonke abakubonayo phakathi kwabantu bamangala ngawe;usuluvalo, awusayikubakho kuze kube phakade.’ ”
20. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
21. “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kulo iSidoni, uprofethe ngalo,
22. uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:“ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni;ngiyakudunyiswa phakathi kwakho,bazi ukuthi nginguJehova,lapho ngenza ukwahlulela kulo,ngingcweliswe phakathi kwalo.
23. Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo;abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwalongenkemba ephezu kwalo nxazonke,bazi ukuthi nginguJehova.