Uhezekeli 19:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Labhidliza izinqaba zabo,lachitha imizi yabo,izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo.

8. Izizwe zase zilihlelela nxazonke,zivela emazweni,zeneka phezu kwalo inetha,labanjwa emgodini wazo.

9. Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe,zaliyisa enkosini yaseBabele,zalingenisa ezinqabeniukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwa-Israyeli.

10. “ ‘Unyoko wayenjengomvini,usahlezi ngokuthula,utshalwe ngasemanzini;wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.

11. Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo;isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi,waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.

12. Kepha wasishulwa ngokufutheka,waphonselwa phansi,umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo;isiqu sawo esiqinileyo saphulwa,sabuna, umlilo wasiqeda.

13. Manje usutshaliwe ehlane ezweni elishileyo nelomileyo.

14. Umlilo uphumile esiqwini sawo,wadla amagatsha awo nezithelo zawo,kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo,nantonga yokubusa.’Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”

Uhezekeli 19