“ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.