Uhezekeli 16:47-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. Awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga ngezinengiso zabo, kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje, wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.

48. Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.

49. “ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.

50. Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami; ngase ngibasusa njengokubona kwami.

51. ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.

Uhezekeli 16