43. “ ‘Ngokuba awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kepha ungikhathazile kukho konke lokhu, ngiyakwehlisela indlela yakho phezu kwekhanda lakho, isho iNkosi uJehova, ungenzi ukukhanuka phezu kwazo zonke ezinye izinengiso.
44. “ ‘Bonke abalinganisa ngezaga bayakulinganisa ngalesi kuwe, bathi: “Njengonina, injalo indodakazi.”
45. Uyindodakazi kanyoko owanengwa yindoda yakhe nabantwana bakhe; ungudade wawodadewenu abanengwa ngamadoda abo nabantwana babo; unyoko wayengumHetikazi, uyihlo wayengumAmori.
46. Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.
47. Awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga ngezinengiso zabo, kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje, wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.
48. Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.
49. “ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.
50. Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami; ngase ngibasusa njengokubona kwami.
51. ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.
52. Thwala wena ihlazo lakho, lokhu wathetha odadewenu; ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo balungile kunawe; yebo, mawujabhe, uthwale ihlazo lakho ngokuthetha odadewenu.
53. “ ‘Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo