Uhezekeli 16:35-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. “ ‘Ngalokho yizwa, sifebe, izwi likaJehova.

36. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho, nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakho, nangegazi labantwana bakho owabanika lona,

37. ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo, nazo zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo, ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke, ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.

38. Ngiyakukwahlulela ngesahlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lokufutheka nomhawu.

39. Ngiyakukunikela esandleni sazo, zilibhidlize iqhugwane lakho, zizidilize izindawo zakho eziphakemeyo, zikuhlubule izingubo zakho, zithathe izinto zakho ezinhle, zikushiye unqunu, uze.

40. Ziyakukwenyusela isixuku, zikukhande ngamatshe, zikuhlahlele ngezinkemba zazo.

41. Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwahlulele emehlweni abesifazane abaningi, ngenze ukuba uyeke ukufeba, wena ungabe usanika umvuzo.

42. Ngiyakuqeda ukufutheka kwami kuwe, umhawu wami usuke kuwe, ngibe nokuthula, ngingabe ngisacunuka.

43. “ ‘Ngokuba awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kepha ungikhathazile kukho konke lokhu, ngiyakwehlisela indlela yakho phezu kwekhanda lakho, isho iNkosi uJehova, ungenzi ukukhanuka phezu kwazo zonke ezinye izinengiso.

44. “ ‘Bonke abalinganisa ngezaga bayakulinganisa ngalesi kuwe, bathi: “Njengonina, injalo indodakazi.”

45. Uyindodakazi kanyoko owanengwa yindoda yakhe nabantwana bakhe; ungudade wawodadewenu abanengwa ngamadoda abo nabantwana babo; unyoko wayengumHetikazi, uyihlo wayengumAmori.

46. Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.

47. Awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga ngezinengiso zabo, kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje, wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.

48. Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.

49. “ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.

50. Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami; ngase ngibasusa njengokubona kwami.

51. ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo.

Uhezekeli 16