Uhezekeli 1:12-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Zahamba zonke ngokuqonda kobuso bazo, zaya khona, lapho umoya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo.

13. Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.

14. Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.

15. Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.

16. Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe,* nezimo zawo omane zaziyintonye. Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo.

17. Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.

18. Amafelange* awo ayephakeme, ayesabeka; amafelange omane ayegcwele amehlo nxazonke.

19. Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo, nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.

20. Lapho umoya wayethanda ukuya khona, aya khona, yebo, lapho umoya wayethanda khona; namasondo aphakanyiswa kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.

21. Ekuhambeni kwazo nawo ahamba; ekumeni kwazo nawo ema; ekuphakanyisweni kwazo emhlabeni aphakanyiswa namasondo kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.

Uhezekeli 1