22. “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,ingatsha ethela ngasemthonjeni;amagatsha akhe akhwela odongeni.
23. Abacibishelayo bayamkhathaza,bayamdubula, bayamzingela;
24. kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;amandla ezandla zakhe aqiniswangezandla zoMninimandla kaJakobe,okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,
25. ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,ngoSomandla ozakukubusisangezibusiso zasezulwini phezulu,nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,nangezibusiso zamabele nezesizalo.
26. Izibusiso zikayihlo zinamandlakunezibusiso zawokhokho bami,kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade,nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.
27. “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;ekuseni uyadla impango,kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”
28. Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.
29. Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,
30. umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela;
31. lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya;
32. insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.”