1. Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo.
2. Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.
3. Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.
4. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.
5. Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.
6. Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.
7. UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.
8. “Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.
9. Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali.