Ugenesise 45:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo.

2. Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.

3. Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.

4. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.

5. Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.

6. Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.

7. UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.

8. “Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.

9. Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali.

Ugenesise 45