1. Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo.
2. Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.
3. Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.
4. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.
5. Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.
6. Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.
7. UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.
8. “Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.
9. Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali.
10. Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho,
11. ngikondlele khona, ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala, funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.’