Ugenesise 44:10-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Yathi: “Kalokhu makube njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.”

11. Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo.

12. Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini.

13. Ayeseklebhula izingubo zawo, yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo, abuyela emzini.

14. UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe.

15. UJosefa wayesethi kubo: “Isenzo sini lesi enisenzileyo na? Beningazi yini ukuthi umuntu onjengami angabhula nokubhula na?”

16. Wathi uJuda: “Sizakuthini enkosini yami na? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zakho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.”

17. Wathi: “Makube kude kimi ukwenze njalo; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.”

18. UJuda wayesesondela kuye, ethi: “O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, ungavuthi ulaka ngenceku yakho, ngokuba ungangoFaro wena.

19. Inkosi yami yabuza izinceku zayo, yathi: ‘Ninoyihlo, ninomfowenu, na?’

Ugenesise 44