Ugenesise 44:1-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayala inceku yendlu yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala, ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.

2. Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yamabele akhe.” Yenza-ke njengezwi likaJosefa alishilo.

3. Ngakusasa nxa sekusile, amadoda amukiswa, wona nezimbongolo zawo.

4. Esephumile emzini, engakabi kude, uJosefa wathi encekwini yakhe: “Suka ulandele lawo madoda; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi: ‘Niphindiseleni okuhle ngokubi na?

5. Lena akusiyo indebe inkosi yami ephuza ngayo, ebhula ngayo, na? Nenze kabi ngokwenze njalo.’ ”

6. Yawafica, yakhuluma kuwo lawa mazwi.

7. Ayesethi kuyo: “Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo.

8. Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na?

9. Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye, makafe yena, thina sibe yizigqila zenkosi yami.”

10. Yathi: “Kalokhu makube njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.”

11. Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo.

12. Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini.

13. Ayeseklebhula izingubo zawo, yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo, abuyela emzini.

14. UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe.

Ugenesise 44