Ugenesise 35:4-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi.

5. Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.

6. UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye.

7. Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.

8. UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.*

9. UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa.

10. UNkulunkulu wathi kuye:“Igama lakho linguJakobe,igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,”wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.

11. UNkulunkulu wathi kuye:“NginguNkulunkulu uSomandla;mawuzale, wande;isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

12. izwe engabapha lona o-Abrahamano-Isaka,ngiyakulinika wena;nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”

13. UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.

14. UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.

15. UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.

16. Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.

17. Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.”

Ugenesise 35