Ugenesise 35:23-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.

24. Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.

25. Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali.

26. Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.

27. UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.

28. Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

29. U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.

Ugenesise 35