Ugenesise 35:18-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.

19. Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.

20. UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

21. U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere.

22. Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho.Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.

23. Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.

24. Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.

25. Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali.

26. Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.

27. UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona.

28. Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

Ugenesise 35