Ugenesise 35:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.

16. Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.

17. Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.”

18. Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.

19. Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.

20. UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

21. U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere.

22. Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho.Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.

23. Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.

24. Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini.

Ugenesise 35