10. UNkulunkulu wathi kuye:“Igama lakho linguJakobe,igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,”wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.
11. UNkulunkulu wathi kuye:“NginguNkulunkulu uSomandla;mawuzale, wande;isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
12. izwe engabapha lona o-Abrahamano-Isaka,ngiyakulinika wena;nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”
13. UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.
14. UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.
15. UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.
16. Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.
17. Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.”
18. Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.
19. Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema.
20. UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.