Ugenesise 35:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”

2. Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu,

3. sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”

4. Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi.

Ugenesise 35