8. Base bethi: “Singekwenze lokho ingakabuthani imihlambi yonke, balisuse itshe emlonyeni womthombo; yikhona siyakuphuzisa izimvu.”
9. Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezalusa.
10. Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani uninalume nezimvu zikaLabani uninalume, uJakobe wasondela, wasusa itshe emlonyeni womthombo, waziphuzisa izimvu zikaLabani uninalume.
11. UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.
12. UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima, watshela uyise.
13. Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto.
14. ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.
15. ULabani wayesethi kuJakobe: “Lokhu ungumfowethu, ubuzakungisebenzela ngeze na? Ngitshele ukuthi umvuzo wakho uyakuba yini na?”
16. ULabani wayenamadodakazi amabili; igama lenkulu lalinguLeya, igama lencane lalinguRaheli.
17. Amehlo kaLeya ayebuthakathaka, kepha uRaheli wayemuhle ngesimo, ebukeka kahle.
18. UJakobe wamthanda uRaheli; wathi: “Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.”
19. Wayesethi uLabani: “Kuhle ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda; hlala kimi.”