Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani uninalume nezimvu zikaLabani uninalume, uJakobe wasondela, wasusa itshe emlonyeni womthombo, waziphuzisa izimvu zikaLabani uninalume.