10. U-Abimeleki wayesethi: “Kuyini okwenzile kithina na? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.”
11. U-Abimeleki wayala bonke abantu, wathi: “Othinta lo muntu nomkakhe uzakubulawa nokubulawa.”
12. U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.
13. Lowo muntu waba mkhulu; kwayilokhu eqhubeka ukukhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu.
14. Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.