22. Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.
23. U-Abrahama wasondela, wathi: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?
24. Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?
25. Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”
26. UJehova wathi: “Uma ngifumana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.”
27. Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.
28. Mhlawumbe kuyakusweleka abayisihlanu kubo abalungileyo abangamashumi ayisihlanu; ubuyakubhubhisa wonke umuzi ngenxa yalabo abayisihlanu na?”Wathi: “Angiyikuwubhubhisa, uma ngifumana khona abangamashumi amane nanhlanu.”
29. Kepha wabuye wakhuluma kuye, wathi: “Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amane.”Wathi: “Angiyikukwenza ngenxa yabangamashumi amane.”