Ugenesise 18:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. USara waphika wathi: “Angihlekanga,” ngokuba wesaba.Kepha wathi: “Qha, uhlekile.”

16. Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.

17. UJehova wathi: “Ngingamfihlela u-Abrahama lokho engizakukwenza na?

18. U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.

Ugenesise 18