Ugenesise 18:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.

2. Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,

3. wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho.

4. Makulethwe ingcosana yamanzi, nigeze izinyawo zenu, niphumule phansi komuthi.

Ugenesise 18