1. Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
2. Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.”
3. U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”
4. Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.”
5. Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”
6. Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga.
7. Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”
8. Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”
9. Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”
10. Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga.
11. Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha.