Ugenesise 13:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,

4. indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.

5. Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.

6. Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.

7. Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.

8. U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.

9. Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”

10. ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.

11. ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.

12. U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.

13. Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.

14. UJehova wathi ku-Abrama, uLoti esehlukene naye: “Phakamisa manje amehlo akho ubuke, usendaweni lapho umi khona, ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga,

Ugenesise 13