ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.