2. uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle.
3. Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona.
4. “Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,
5. njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi, insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe, lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile,
6. funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi.
7. Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: ‘Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.’
8. “Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,
9. uma ugcina yonke le miyalo ukuba uyenze, engikuyala ngakho namuhla, umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe njalo ngezindlela zakhe, wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu
10. ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.
11. “Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe, emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi,
12. amalunga alowo muzi ayakuthuma amlande lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba afe.
13. Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.