Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona.