Uduteronomi 12:21-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.

22. Njengalokhu kudliwa insephe nendluzele, uyakukudla kanjalo; ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufananayo.

23. Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.

24. Ungalidli; lithulule emhlabeni njengamanzi.

25. Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.

26. “Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova,

27. unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama.

28. Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

29. “Nxa uJehova uNkulunkulu wakho eyakuzinquma izizwe ngaphambi kwakho, lapho ungena khona ukuzidla, nanxa usuzidlile wahlala ezweni lakubo,

30. xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho, ungabuzi ngawonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe zikhonza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.’

31. Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.

32. “Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.

Uduteronomi 12