Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.