12. niyakwenama phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, namadodakazi enu, nezinceku zenu, nezincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa kini.
13. Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo,
14. kepha kuleyo ndawo uJehova ayakuyikhetha kwesinye sezizwe zakho, uyakunikela lapho ngeminikelo yakho yokushiswa, wenze khona konke engikuyala ngakho.
15. “Nokho ungahlaba, udle inyama ngaphakathi kwawo onke amasango akho njengesifiso somphefumulo wakho nanjengesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona; ongcolileyo nohlambulukileyo bangadla kukho njengokwensephe nokwendluzele.
16. Kuphela igazi aniyikulidla; uyakulithulula emhlabeni njengamanzi.
17. Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho, noma okwewayini lakho, noma okwamafutha akho, noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle, noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,
18. kepha ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kukho konke obeka kukho isandla sakho.
19. Xwaya ukuba ungameyisi umLevi isikhathi sonke sokuhlala kwakho ezweni lakho.
20. “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukwethembisa kwakhe, uze uthi: ‘Ngiyakudla inyama,’ lokhu umphefumulo wakho ufisa ukudla inyama, ungayidla inyama njengesifiso sonke somphefumulo wakho.
21. Uma indawo uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nawe, uyakuhlaba emhlambini wakho nasezimvini zakho akunike khona uJehova, njengalokho ngakuyala, udle phakathi kwamasango akho njengesifiso somphefumulo wakho.
22. Njengalokhu kudliwa insephe nendluzele, uyakukudla kanjalo; ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufananayo.
23. Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama.
24. Ungalidli; lithulule emhlabeni njengamanzi.
25. Ungalidli ukuba kube kuhle nakubantwana bakho emva kwakho, lapho wenza okulungile emehlweni kaJehova.
26. “Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova,
27. unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama.
28. Qaphela, uzwe onke lawa mazwi engikuyala ngawo ukuba kube kuhle kuwe nakubantwana bakho emva kwakho kuze kube phakade, lapho wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.
29. “Nxa uJehova uNkulunkulu wakho eyakuzinquma izizwe ngaphambi kwakho, lapho ungena khona ukuzidla, nanxa usuzidlile wahlala ezweni lakubo,
30. xwaya ukuba ungacushwa ukuzilandela sezichithiwe phambi kwakho, ungabuzi ngawonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe zikhonza kanjani onkulunkulu bazo na? Nami ngiyakwenza kanjalo.’