Udaniyeli 6:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. UDaniyeli wathi enkosini: “Mana njalo, nkosi.

22. UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe, wavimba imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angenzanga okubi.”

23. Yayisijabula kakhulu inkosi, yayaleza ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa emphandwini, akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.

24. Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona nabantwana bawo, nawomkawo; izingonyama zatheleka phezu kwabo, zachoboza amathambo abo, bengakafinyeleli phansi emphandwini.

25. UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: “Ukuthula makwande kinina.

26. “Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba“unguNkulunkulu ophilayo,umi kuze kube phakade,nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa,nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.

27. Uyakhulula, ophule;uyenza izibonakaliso nezimangalisoezulwini nasemhlabeni,yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”

28. UDaniyeli wayeseqhubeka ngesineke ekubuseni kukaDariyu, nasekubuseni kukaKoresi umPheresiya.

Udaniyeli 6