21. omaqabunga awo ayemahle, nezithelo zawo zaziziningi, kukhona ukudla kuwo kubo bonke; ozilwane zasendle zahlala phansi kwawo, nezinyoni zezulu zakha emagatsheni awo:
22. nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.
23. “Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini, ethi: ‘Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle, kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,’
24. nansi incazelo, nkosi: kuyisimemezelo soPhezukonke esiyehlele inkosi yami, inkosi,
25. sokuthi uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.
26. Njengalokho bayaleza ukuba kushiywe isiqu sezimpande zomuthi, umbuso wakho uyakuqina kuwe, lapho usufundile ukuthi izulu liyabusa.
27. Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.”
28. Konke lokho kwamehlela uNebukadinesari.
29. Ngasekugcineni kwezinyanga eziyishumi nambili wayehamba endlini yamakhosi eBabele.
30. Inkosi yathatha yathi: “Angithi yileli Babele elikhulu engilakhile libe yindlu yobukhosi ngezikhwepha zamandla ami, libe ludumo lobukhosi bami, na?”
31. Izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukadinesari, kukhulunyiwe kuwe ukuthi: Umbuso usukile kuwe;
32. uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”
33. Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.
34. Ngasekugcineni kwezinsuku mina Nebukadinesari ngaphakamisa amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade.Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade,nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;
35. bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize;uyenza njengentando yakhe empini yasezulwininaphakathi kwabakhileyo emhlabeni;akakho ongavimbela isandla sakhe,noma athi kuye: “Wenzani na?”
36. Ngasona leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami nokucwebezela kwami kwabuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu bami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, ngenezelwa ubukhulu obudluleleyo.
37. Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.