Ngasona leso sikhathi le nto yagcwaliseka phezu kukaNebukadinesari: waxoshwa kubantu, wadliswa utshani njengezinkabi, umzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, zaze zakhula izinwele zakhe njengezimpaphe zezinkozi nezinzipho zakhe njengamazipho ezinyoni.