Udaniyeli 11:4-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.

5. “Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla, kanjalo esinye sezikhulu zayo, yebo, sibe namandla kunayo, sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.

6. Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.

7. “Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, ahlule.

8. Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.

9. Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.

10. Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.

11. “Inkosi yaseningizimu iyakubaba, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.

12. Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.

13. Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.

14. “Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu, nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.

15. Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.

16. Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

Udaniyeli 11